Usuku lwenkululekonget Ux Y s maz Fns_ Rlsipfa cn1codC
Usuku Lwenkululeko eNingizimu Afrika phecelezi iFreedom Day. Lolu suku eNingizimu Afrika lugujwa mhla zingama-27 uMbasa minyaka yonke. Lolu suku lubalulekile kakhulu ezimpilweni zabantu baseNingizimu Afrika ngoba yilapho abantu abansundu bathola inkululeko, kwasuswa ubandlululo ngonyaka we-1994[1]. Leli holide liyinxenye yamaholide asemthethweni aseNingizimu Afrika njengoba kugunyazwa nguMthetho wamaHolide Omphakathi (wama-36 wangonyaka wama-1994).
INingizumu Afrika igubha Usuku Lwenkululeko okokuqala[hlela | Hlela umthombo]
Mhla zingama-27 uMbasa 1994 uDkt Nelson Mandela wavota okokuqala okhethweni lazo zonke izinhlanga endweni yokuvota (Isingisi:Polling Station) eyabe iseOhlange High School[2]. UMandela wakhetha lendawo ngoba efuna ukunika isizawe sabanzundu ukwethemba ukuvota. Wakhetha lendawo ngoba ilapho kufihlwe khona uMongameli wokuqala uJohn Langalibalele Dube [3] futhi wabe efuna ukuyophonsa itshe uthuneni likaDube (lay a wreath)[2]. UMandela wama eceleni kwethuna washo lamagama: "Mnu Mongameli ngize lapha ukuzokubikela ukuthi iNingizimu Afrika ikhululekile Namhlanje."[4].
Imithombo[hlela | Hlela umthombo]
- ↑ "South Africa: Voters registration". South Africa: Voters registration. Electoral Institute for Sustainable Democracy in Africa. http://www.content.eisa.org.za/old-page/south-africa-voter-registration. Retrieved 27 April 2015.
- ↑ 2.0 2.1 Mandela:The Authorised Biography – by Anthony Sampson, Africa Confidential. Retrieved 31 July 2013
- ↑ Mandela, Nelson. Long Walk to Freedom. cited here. https://books.google.co.uk/books?id=57gyw36xwk8C&pg=PA267&dq=ohlange+high+school&hl=en&sa=X&ei=Z3j5UciJD8aU0AW3-YHQCg&redir_esc=y#v=onepage&q=ohlange%20high%20school&f=false. Retrieved 31 July 2013.
- ↑ Photo of display in Inanda. Retrieved 1 August 2012